Written stories
ULerato Ondizayo
Kwasukasukela, kwakunentombazane ogama layo lalinguLerato eyayizihambela inqamula esigangeni
ngenkathi ibona ingulube encane emnyama ilele ubuthongo ngaphansi kwesihlahla.
“Aha,” kusho uLerato. “Sizodla kamnandi ebusuku namuhla.” ULerato wabamba ingulube le encane,
kodwa wamangala nje ngoba yanswininiza, “Ngiyacela bandla, ungidedele! Ngizokuhlomulisa – ngiyingulube yomlingo.”
ULerato wayigqolozela ingulube. “Uzonginikezani?” kusho yena. “Isikhathi esiyiviki elilodwa,” kusho ingulube,
“uzokwazi ukundiza njengenyoni esibhakabhakeni …