Impangele eyayizalela amaqanda egolide | Nal'ibali
Home | Content | Impangele eyayizalela amaqanda egolide

Written stories

Impangele eyayizalela amaqanda egolide

Kwesukasukela, kwakukhona indoda eyayimpofu kakhulu eyayibizwa ngoMzi.

“Izingane zilambile, asinayo imali yokuthenga ukudla,” kukhala inkosikazi, uPhumla. “Sizokwenzenjani?”

“Ngizoyozingela,” kusho uMzi. “Uma ngibamba impangele, sizodla kamnandi.”

Washo ephuma eya ehlathini nesihlilingi sakhe namatshe amancane.

Emva kwesikhashana nje wahlangana nempangele ekhuluphele endaweni evulekile esikhotheni…