uZinhle wase Dubazane | Nal'ibali
Home | Create your own story | uZinhle wase Dubazane

Written stories

uZinhle wase Dubazane

Kepha nansi insizwa thizeni ngemuva ezimboze ngelikhulu ijazi leli wena owazibonela umantshingelana evikela amakhaza ebusuku, ungathi kwayilo lithi, 'ngizokufudumeza uyoze uthi tshilo tshilo sengivuthiwe', simile insizwa yinde le, ukuthi iyoke imuphendule okanye isondele kuye uZinhle phinde!. Kungenzeka phela ukuthi iyazi ngayo le ntokazi, phela kuyaziwa ukuthi uZinhle yi mbokodo yoqobo kalingenwa!, uma in case nje me nsizwa wo! Ingazisola mame. "Vela ekukhanyeni-ke, shono okudingayo kimi, kusukela ngesonto eledlule ulokhe ungilandela ebumnyameni. Awuzivezi ngani ukuthi ungubani?." Kuphinda yena belu uZinhle. Iphenduke nge Jun and insizwa icele kwele mpunzi, iphinda lapho evele ngakhona. "Mana, yima lapho bo!, angizukwenza lutho ubalekelani manje?, uxolo!", 'gxa!, gxa!, gxa', izigi zale nsizwa iya kosithela, hhowu inyamalale!. A sale enkemile unyaka Shobane. Athi nhla phansi nali ipheshana elimhlophe elilotshwe okuthile. Alivule, mamo! Linetshe elncanyana elinamathele kanye no myalezo omfushane. Wo laze lafana nelo mfula wangakithi edubazane nalitshe, ngabagcina nini nje?,abantwana bami bona", usho nje uZinhle zicwebile. Afunde umyalezo, akusiwo amagama angakho kulotshwe nje ukuthi : 'KHUMBULA'. Heqe uvalo! , "engabe?, hhayi akukwazi". Simudle isazela aze aphimise, "hhayi! Ngibuyela kubantabami kusasa lokhu ezintatha, akukho ndlovu yasindwa ngu mboko wayo." Cosi Cosi iyaphela.