UTumi nezifiso ezintathu | Nal'ibali
Home | Written stories | Multilingual stories | UTumi nezifiso ezintathu

Written stories

UTumi nezifiso ezintathu

Author

Ibhalwe nguMabel Mnensa

Illustrator

Imifanekiso nguJulie Smith-Belton

UBaba uvalelisa kuTumi. “Uziphathe kahle namhlanje. Ungangeni egumbini lami. Ungakhulumi noPholi onguPhathu.”

“Sawubona,” kusho uTumi. UPhathu, uPholi, uyazithulela nje. Ngabe yini le esekhejini likaPhathu? Yimpempe egcwele uthuli!

UTumi uyayesula ize ihlanzeke bese eyifutha. “Sawubona, wena wangasenhla,” kusho uPholi onguPhathu, “Ngizokwenzela

noma yikuphi okufisayo okuthathu.” UTumi ulunywa yisisu. Usedle amaswidi amaningi kakhulu. “Tumi! Angikwazi ukungena,

umnyango awuvuleki.” Usebuyile phela uBaba. “Ngabe uke wakhuluma noPholi onguPhathu, Tumi?” UTumi useyesaba.

PHUFU! PHUFU! “Ngifisa … sengathi wonke la maswidi anganyamalala.” “Ngifisa … sengathi ngabe nginawo wonke …

amaswidi akhona emhlabeni.”  “Ngifisa … “Tumi!” UBaba ulunguza ngefasitela. Into kuphela ayibonayo wulwandle.

“Wenzeni-ke manje?” UPholi onguPhathu uyahleka. “UTumi ubefisa sengathi ungaba nezigidi zamaRandi ukuze ube nendlu

enkulu bese yena ebe negumbi lakhe lokulala.” Inkinga nje ukuthi akashongo ukuthi ibe kuphi nendawo! UBaba akajabulile

neze. “Awulaleli.  Ugange njengaye. Kuhlale kugcwele ubuqili nje kulo pholi.”  PHUFU! Esalele embhedeni wakhe ngalobo

busuku, uTumi uyacabanga, “Isifiso sami sesithathu kumele sibe sihle.”

 

Okokuzithokozisa kwakwaNal’ibali

Imibono okungaxoxwa ngayo

Yiziphi izifiso ezintathu obungazenza? Yisiphi isifundo ocabanga ukuthi uTumi usifundile ngemva kokwenza isifiso sesithathu? Ziyini izifiso? Sizenza kanjani izifiso? Ubani osinika lokho esikufisayo?

Ezibonakalayo

Dweba isithombe sezifiso ezintathu ongazicela kuPhathu.

Ukufunda

Bhekisisa amagama kanye nesithombe ekhasini lokugcina.  Sasiyini isifiso sikaTumi?  Sebenzisa isithombe ukuze ubonise imininingwane yalokho uPhathu akhetha ukukunika uTumi.  Ucabanga ukuthi uTumi wazizwa kanjani lapho ebheka efasiteleni?  Ucabanga ukuthi yini ayenza ngemva kwalokho?

Ukubhala

Dweba isithombe sikaTumi noPhathu kanye negwebu lo muntu ngamunye lalokho abakucabangayo. Egwebini likaTumi bhala isifiso sakhe sesithathu, uqale ngaleli gama: Ngifisa … Egwebini likaPhathu, bhala lokho akunike uTumi, uqale ngalawa magama: Ngicabanga ukuthi ngizonika uTumi …

Umsebenzi wezandla

Sebenzisa ikhathoni lethishu noma lethawula lephepha kanye nopende, amakhukhi, i-glue, izimpaphe, ithishu enombala noma iphepha le-crépe ukuze wenze upholi wakho wemilingo. Qamba upholi wakho igama.

Ukusebenza

Phinde uxoxe indaba njengomdlali oyinhloko. Yisho izifiso zakho ezintathu esikhundleni kwezikaTumi.