Ushokoledi kaJeb
Home | Written stories | Multilingual stories | Ushokoledi kaJeb

Written stories

Ushokoledi kaJeb

Author

Ibhalwe nguLesley Beake

Illustrator

Imifanekiso nguTamsin Hinrichsen

UJeb wayemusha. Engenaye noyedwa umngani.

Wayenesizungu.

 

Wayehamba edangele, ekhahlela amatshe.

Wayenoshokoledi ephaketheni lakhe, kodwa lokhu akuzange kusize. Wayesazizwa edangele.

Wayenoshokoledi kodwa wayengenabo abangani.

 

 

 UJeb wazithela phezu kwentombazanyana. Yayikhala.

“E … ngabe kukhona engingakusiza ngakho?”

“Cha.”

UJeb wacabanga kancane. “Ngabe ungawuthokozela ushokoledi?”

Intombazanyana yamamatheka. “Ngiyabonga.”

 

UJeb kanye nentombazanyana bahambisana. Babona sebeqhamukela kwababelwa! Kwakulwa abafana ababili.

UJeb wathi ukucabanga umzuzwana.

“Ngabe ningawuthokozela ushokoledi?”

Abafana bayeka ukulwa. “Yebo!”

 

UJeb nentombazanyana kanye nabafana ababili baqhubeka nohambo. Nakho sebezithela phezu kowesifazane nenja. 

Inja yethuka kakhulu lapho ibona uJeb nentombazanyana kanye nabafana ababili, nokwabangela ukuthi ibaleke.

Kwathatha sikhathi eside ukuthi bayibambe. Owesifazane wayethukuthele egane unwabu.

 

“Ngabe ungawuthokozela ushokoledi?”

Owesifazane wamamatheka. “

“Yebo! Ngingabonga kakhulu!” UJeb wamnika ushokoledi wokugcina osele. Yena akazange asalelwe ushokoledi.

Kodwa-ke wayesenabangani!

Imibono okungaxoxwa ngayo

Lapho u-Jeb epha abanye ushokholethi wakhe, baba abangani bakhe. Iyiphi enye indlela abengenza ngayo abangani? Kusho ukuthini ukuba nabangani kuwe? Yini eyenza abantu bazizwe benesizungu? Wake wazizwa unesizungu?

Ezibonakalayo

Dweba isithombe sakho uzizwa unesizungu.

Ukufunda

Iya kuleli phepha lomsebenzi: Bhala izinombolo ebhokisini ngalinye ukuze ulandelanise izithombe ngononina. Funa umbhalo endabeni ohambisana nesithombe ngasinye.

Ukubhala

Bhala incwadi yokubonga eya kumuntu owenze umehluko ekuphileni kwakho ngokukubonisa umusa.

Umsebenzi wezandla

Sebenzisa ipuleti lephepha noma usike isiyingi ekhathonini. Kolunye uhlangothi dweba ubuso bomuntu “ozizwa enesizungu” bese kolunye uhlangothi, udweba ubuso “obujabulile”.

Ukusebenza

Sebenzisa izithombe ezibhalwe izinombolo ngokunembile ukuze uphinde uxoxe indaba.