Ukugoduka

Written stories

Ukugoduka

Author

Ibhalwe nguZaheera Jina Asvat

Illustrator

Imifanekiso nguJulie Smith-Belton

Ngihleli eduze kukaGogo otshanini. Sibukele isibungu sishintsha siba uvemvane. UGogo uthi le nguquko ibizwa ngokuthi

yimethamofosisi. “Imethamofosisi” yigama elikhulu. “Bheka, Yusuf,” kuhlebeza uGogo. Igobolondo ebekucashe kulo isibungu

liyaklayeka bese livuleka kancane, ucezu nocezu, kuze kuphume uvemvane olunombala obomvu nomnyama.

Uvemvane luyaphumula, lomisa izimpiko zalo, bese lundiza luya kude. UGogo uthi zonke izidalwa zeNdalo ziyazalwa, zikhule

zibe-ke sezihamba. Nezinyoni ziyakwenza lokho futhi. Zindiza ziye ezindaweni ezifudumele ebusika.

Nembodla ensunjwana eyayilala endundumeni yethu yesihlabathi nayo yahamba. Ngiyazibuza ukuthi mina ngizokhula ngibe

ubani. Ngabe ngiyoya kwenye indawo? Angifuni ukwenza kanjalo. UMama uthi sidinga ukuthutha siye komunye umuzi lapho

kuzoba khona izikole ezingcono. Lokho kuyangidabukisa. Selokhu ngaba yimina nje ngihlala noGogo. Uma sithutha, ingadi

entsha kungenzeka ingabi nomlingo njengale. Kungenzeka ngibe ngedwa. Ngiyesaba. “Bheka, Yusuf!” kumemeza uGogo.

Imbodla ensunjwana, isibuyile ihleli odongeni. Igxumela phansi bese iya endundumeni yesihlabathi. Ifike izisonge phezu

kwesihlabathi. Ikati lethu ebeledukile selibuyele ekhaya. Kulungile ukuthi nami kengithuthe. Ngiyakwazi ukubuye ngibuyele

engadini enomlingo kaGogo.

 

Okokuzithokozisa kwakwaNal’ibali

Imibono okungaxoxwa ngayo

U-Yusuf uhlala nomama wakhe nogogo. Wena uhlala nobani? Cabanga ngezinguquko ezenzeke ekuphileni kwakho. Wazizwa kanjani ngalezi zinguquko lapho zenzeka? Uzizwa kanjani ngazo manje?

Ezibonakalayo Bhekisisa isithombe emakhasini amabili okuqala endaba. Ungakwazi yini ukuthola:  izinyoni ezintathu  izicabucabu ezimbili  isibungu  i-chrysalis  umvemvane?

Ukufunda

Lena indaba emayelana noshintsho. Ungakwazi yini ukuthola zonke izinto ezishinthile ezihlukile ezisendabeni u-Yusuf azibonayo noma acabanga ngazo? 

Ukubhala

Bhala inkondlo ye-acrostic emayelana noshintsho. Qala umusho ngamunye wenkondlo ngohlamvu olusegameni elithi “ushintsho”.

Umsebenzi wezandla

Yenza umvemvane. Goqa iphepha lube uhhafu. Penda amadothi athile kapende ohlangothini olulodwa lwekhasi bese ugoqa iphepha ukuze upende unamathele kolunye uhlangothi. Vula iphepha. Lapho upende usuwomile, dweba isiqu somvemvane oluvule amaphiko ulandela amadothi opende kulo lonke iphepha. Sika isiqu somvemvane. Namathisela ingxenye emaphakathi kuyiroli yephepha lasethoyilethi. Nezela ezinye izingxenye zomvemvane ezenziwe ngephepha noma amakliphu ephepha.

Ukusebenza

Dlala umjikelezo wokuphila komvemvane: 1. isibungu esihamba emacembeni futhi siwadle 2. isibungu esishintsha sibe i-chrysalis 3. isibungu esiphakathi kwe-chysallis 4. i-chrysallis iyavuleka bese kuphuma umvemvane 5. umvemvane olundizayo.