UGundane Wasemakhaya noGundane Wasedolobheni
Home | Written stories | Multilingual stories | UGundane Wasemakhaya noGundane Wasedolobheni

Written stories

UGundane Wasemakhaya noGundane Wasedolobheni

Author

Ibhalwe nguJacqui L’Ange

Illustrator

Imifanekiso nguPatrick Latimer

Listen to the story here

UGundane Wasemakhaya wehlela edolobheni ukuze athole ipheya elisha lezibuko. Usehlangana noGundane Wasedolobheni esiteshini. “Wemukelekile, mzala, bo!” kusho yena. “Ngiyathokoza ukukubona,” kusho uGundane Wasemakhaya, noma engaboni kahle neze. Wabheka phezulu, kodwa isibhakabhaka esiluhlaza sasicashe ngemuva kwezakhiwo ezimpunga

UGundane Wasemakhaya wafaka izibuko zakhe. “Ngabe zikuphi zonke izihlahla?” kubuza yena. “Ubani odinga izihlahla?” kusho uGundane Wasedolobheni. “Izakhiwo eziphakeme zasedolobheni zinde kakhulu kunezihlahla lezo!” UGundane Wasemakhaya wathi ukukhwehlela. “Ngifuna ukuya ekhaya.” “Akukho lutho olwenzeka emakhaya,” kusho uGundane Wasedolobheni. “Uthi kodwa anibulawa isizungu nje lapho?” UGundane Wasemakhaya wahleka. “Woza uzozibonela ngokwakho!”

Wezwa ukukhwashaza kanye nomsindo wezinyosi kanye nobuklwe-klwe-klwe. “Izinyoni zabelana nathi ngamajikijolo,” kusho uGundane Wasemakhaya. “Kanti-ke izinyosi zabelana nathi ngoju. Impilo imnandi nje lapha!” Kwavela isilwane esiyindilinga, sigingqa ibhola ngemilenze yaso ezacile. “Ibhungane lobulongwe ligcina izinto zihlanzekile.” “Ngabe lesi silwane, uNdabushe, senzani-ke sona?” “Sidla thina phela,” kusho uGundane Wasemakhaya. “Baleka bo!”

Into yokuqala eyaqashelwa uGundane Wasedolobheni ukuthi lapha kwakuthule. UGundane Wasemakhaya wayehlala ngaphansi kwesiqu sesihlahla esikhulu, ngaphansi kwesibhakabhaka esiluhlaza esibanzi. “Ake ulalele nje,” kusho yena

Lokho kwase kwanele kuGundane Wasedolobheni. “Kungcono ngibalekele izimoto kunokuthi ngibhekane nekati lasendle elesabekayo!” UGundane Wasekhaya wahlala emzini wakhe wasemakhaya, lapho ayethokozela khona ukuthula komphefumulo nokwendawo. Wayeke ayokwenza okuthile edolobheni. Kodwa uma eya lapho wayeqiniseka ngokuthi ukhona uGundane Wasedolobheni ongamvikela, UGundane Wasedolobheni wabuyela endlini yakhe yasedolobheni, Uma umsindo usumkhulu nakuye, wayeya eholidini kwamzala wakhe. Sengathi sizithanda kakhulu izindawo esizazi kahle Yini wena oyithanda ngendawo ohlala kuyo?

 

Okokuzithokozisa kwakwaNal’ibali

Imibono okungaxoxwa ngayo

Unabo yini abazala? Bahlala kuphi? Ubungakhetha ukuhlala emaphandleni noma edolobheni? Kungani? Zihluke kanjani izimo zokuphila emaphandleni nasemadolobheni?

Ezibonakalayo

Uhlala kuphi? Dweba isithombe sasekhaya kini nendawo ezungezile.

Ukufunda

Bhekisisa isithombe sikaGundane Wasemakhaya. Phinde ufunde umbhalo kula makhasi bese ufuna ngasinye sezilwane kanye nezinto ezisesithombeni.

Ukubhala

Ingabe ekhaya kini indawo oyithandayo? Noma enye indawo? Bhala uhlu lwezizathu ezikwenza ukhethe indawo oyithandayo. 

Umsebenzi wezandla

Sebenzisa ibhokisi lekhathoni elimaphakathi ngobukhulu ukuze wenzele igundwane indlu. Sebenzisa amabhokisi amancane (njengelamentshisi), izivalo zezigubhu nezinye izinto ezisebenziseka izikhathi eziningi ukuze wenze ifenisha encane yendlu legundwane. Ungahlobisa ifenisha ngezindwangu ezindala noma ngephepha elinombala. Ekugcineni, sebenzisa inhlama yokudlala noma ubumba ukuze wenze igundwane elizohlala endlini.

Ukusebenza

Phinde uxoxe indaba usebenzisa abadlali bakho esikhundleni sika-Gundane Wasemakhaya noGundane Wasedolobheni.