Ubala lolu | Nal'ibali

Written stories

Ubala lolu

Author

Ibhalwe nguBandile Sikwan

Illustrator

Imifanekiso ngu-Elizabeth Sparg

Listen to the story here

UHank iNsele Eyigeza Lensizwa yayipheka kahle ukudlula wonke umuntu enkangala.

Ukuzikhathaza kwakhe ngokuthola izithako ezingcono ukudlula zonke kwakumenza ehluke kakhulu kwabanye.

Indlela yokwenza isidlo sanamhlanje yayilula, kodwa lesi kwakuyisidlo esikhethekile.

Wayesilungiselela iNtibane enguWendy. Wayephuke umlenze bakithi ngenkathi ebalekela izimpisi ezilambile.

Isidlo esasizokwenziwa sasidinga izithako okwakunzima ukuzithola.

Walunywa yibululu ngesikhathi esaqongelela amajikijolo kanye notamatisi wasendle.

Ubuthi bebululu bunesihlungu esikhulu.

Kwathatha uHank amahora ambalwa ukuthi buphele egazini.

UHank wayelwe nenhlwathi ekhuluphele wayehlula. Yayizoba inyama yesitshulu emnandi. 

Ofezela abanobuthi bakhombisa ukungakuthokozeli ukwemba kwakhe ekhaya labo ukuze bathole amadumbe.

Awu! Awu! Awu!

Wabekezelela ukutinyelwa yizinyosi eziningi ukuze aqongelele amanzi amnandi ezimbali kanye noju okuzophuzwa. 

 

 Kungaphelanga sikhathi eside, wafika ekhoneni likaWarthog Avenue noBaobab Street.

Abangani basithokozela isitshulu, nokuphuza ujusi wezimbali ngesikhathi behleka izinkunzi zamaxoxo ezazixokozela zithethisa izinyendle ezibanga umsindo.

“Lesi yisidlo esimnandi ukudlula zonke owake wazipheka,” kusho uWendy, ulimi lwakhe luyaluza lubheka ukudla okungabe kusalele ebusweni bakhe.

“Akubuzwa ukuthi kube umsebenzi omkhulu ukwenza konke lokhu.”

“Lutho mngani,” kuphendula uHank ngokukhulu ukunganaki. “Ubala lolu, khululeka.

Lindela isiteki esiconsisa amathe sebululu engizokuphekela sona kusasa!”