Ngabe ukuphi uGogo?
Home | Written stories | Multilingual stories | Ngabe ukuphi uGogo?

Written stories

Ngabe ukuphi uGogo?

Author

Ibhalwe nguRobert Muponde

Illustrator

Imifanekiso ngu-Elizabeth Sparg

Listen to the story here

Ekuseni ngovivi ngelinye ilanga uDuma wangqongqoza emnyango kagogo wakhe.

Namhlanje kwakuwusuku lokuzalwa lukaDuma kanti-ke uGogo wakhe wayemenzele isigqokwana sewuli esibomvu njengesipho.

UDuma wajabula kakhulu. Impisi ebukeka kabi yavula umnyango.

“Uwubani wena? Ukuphi uGogo wami?” kubuza uDuma.

“NginguChidhange, umfowabo kagogo wakho,” kusho impisi ihlinile.

“Ngabaleka kudala ngesikhathi engibiza ngesela kanye nomthuthambi.

Ngibuyile ukuze ngizomkhombisa akuthi angiyona neyodwa yalezi zinto ayengibiza ngazo.”

“Ukuphi uGogo wami?” kuphinda kubuza uDuma.

Wayeseqhaqhazela-ke manje.

“Ngingathi nje ulapha. Futhi akekho lapha,” kusho uChidhange, ehlikihla isisu sakhe esisuthi kakhulu.

UChidhange wabhodla. Wabhodla iwuli eningi ebomvu.

“Mamo!” kuzicabangela uDuma. “Udle uGogo!”

Wabaleka waya esikhotheni esingemuva kwendlu kaGogo.

UChidhange wamxosha. UDuma wayethuke kakhulu.

 

“Hawu, ulapha kanti uGogo! Uzishisela utshani kanye namahlamvu amadala.”

Lapho uChidhange ebona uGogo, wethuka kakhulu, wagijima waziphonsa emlilweni.

“Yaze yayisilima le mpisi,” kuhleka uGogo.

UChidhange wayenze iphutha lokucabanga ukuthi isipho sikaDuma, esasifihlwe ngaphansi kwezingubo zokulala, kwakuwuGogo.

Njengoba-ke wayesesuthi iwuli kwase kubuhlungu nasezinqeni zakhe! Wabaleka wangaphinde abonwe futhi.

 

Okokuzithokozisa kwakwaNal’ibali

Imibono okungaxoxwa ngayo

Ukube ubuwuDuma, ubuzokwenzenjani ukuba impisi ibivule umnyango? Ukube ubungasebenzisa esinye isilwane esikhundleni sempisi njengomdlali ubungakhetha siphi futhi kungani? Ucabanga ukuthi kulungile yini ukuthi izimpisi zihlale ziboniswa njengezilwane ezingenabo ubungani ezindabeni?

 Ezibonakalayo

Dweba noma upende isithombe ukuze ubonise le ngxenye yendaba: Lapho uChidhange ebona uGogo, wethuka kakhulu, wagijima waziphonsa emlilweni. Kopisha amagama kwelinye iphepha eliseceleni bese uwaxhuma ngezansi kwesithombe sakho.

Ukufunda

Cabanga ngalokho okwenzekile endabeni bese uphendula imibuzo. Bheka izinto ezisendabeni ezingakusiza.  U-Chidhange uthe ubuye ngoba ezobonisa udadewabo ukuthi akalona isela noma isilwane esidla izilwane ezifile. (Isilwane esibizwa ngokuthi iskavenja isilwane esidla izilwane ezifile). Ucabanga ukuthi u-Chidhange uyisela noma iskavenja? Nikeza izizathu zombono wakho.  Ingabe u-Chidhange wayeqamba amanga lapho ethi ngoGogo, “Ngingathi nje ulapha. Futhi akekho lapha.”? Ucabanga ukuthi ebeqonde ukuthini? Ubungazizwa kanjani ukube ubuvakashele ilungu lomndeni bese impisi ethusayo ivula umnyango?

Ukubhala

Yiziphi ezinye izinto impisi ebingazidla kunokudla uvolo wogogo? Bhala “uhlu lwezinto ezizothengwa” zika-Chidhange ezituswayo.

Ukusebenza

Qamba enye indaba mayelana no-Chidhange. Kule ndaba, bonisa ukuthi ufunde isifundo kulokho okwenzekile kokuthi Ngabe ukuphi uGogo?