Izifiso ezintathu | Nal'ibali
Home | Written stories | Multilingual stories | Izifiso ezintathu

Written stories

Izifiso ezintathu

Author

Wendy Hartmann

Illustrator

Heidel Dedekind

Kwake kwakhona umame owayehlala nomyeni wakhe eduze noMfula iHlimbithwa. Nsuku zonke umame wayesuka ekhaya labo aye ehlathini ayogawula izinkuni. Nsuku zonke umyeni wakhe wayemnika ibhodlela lamanzi nokudla ukuze abe nokuthile akudlayo nakuphuzayo ngesikhathi esekujuleni kwehlathi. 

Ngolunye usuku waphuma wayeseqoka isihlahla esikhulu ayezosigawula. 

“Lesi sizolunga kakhulu,” kusho yena. “Sikhulu ngempela kanti futhi ngizothola izinkuni eziningi kuso.” 

Wathatha imbazo yakhe wathi ukuyivivisela phezulu eselungele ukuqala ukugawula. Ngenkathi esezoqala agawule wezwa izwi elalimcela ukuthi ame angaqhubeki nokugawula. 

 

 

“Ubani osho lokho?” kubuza yena. 

“Bheka lapha phansi,” kwasho izwi, “noma yini oyenzayo, ngicela ungasigawuli lesi sihlahla.” 

Umame wayethukile ngayekuzwile, kodwa wathi uma ebona lapho kwakuqhamuka khona izwi, akazanga ukuthi athini! Phansi enhlabathini eduze kwezimpande zesihlahla, kwakukhona indoda encane kakhulu umami ayengakaze ayibone selokhu kwathi nhlo. Wamane wakhexa umlomo akaze akholwa akubonayo. Ekugcineni kwedlula ukwethuka. 

 

“Ngiyakucela, ungasilimazi lesi sihlahla,” kusho indoda encane. 

“Yebo … kunjengoba usho,” kusho yena. “Ngingakwenza okucelayo. Ngingafuna esinye isihlahla uma ngabe lesi sibaluleke kangako kuwena.” 

“Ngiyabonga. Wenze into engithokozise kakhulu,” kwasho indoda encane. “Unenhliziyo emnene kanti ngenxa yalokho nje ngizokwenzela izifiso ezintathu, noma ngabe yiziphi.” Emva kwalokho, indoda encane yabe isiyanyamalala. Noma ngabe umame wayeyicinga kuphi nehlathi, le ndoda yayingasabonwa nangokhalo. 

Ekugcineni walahla izandla ngendaba yokucinga wayesebhekisa amabombo ekhaya. Yonke indlela ebheke ekhaya wayenikina ikhanda futhi edamame ehhomuzela ubala esalokhu emangele ngokwenzekile. Wathi uma efika ekhaya wahlala phansi phandle ukuze aphumule, ezibuza eziphendula ukuthi kungabe kunomuntu othile yini omluthe ngemilingo na. 

Yonke leyo micabango yamenza ukuthi alambe. “Ngabe isidlo sethu sakusihlwa sesilungile?” ebuza umyeni wakhe owayesefike wahlala eduze kwakhe. 

 

“Hhayi, lutho,” ephendula, “asikalungi. Sizolunga emahoreni ambalwa ezayo.” 

Umame wakhononda. “Ngilambe kabi, ngifisa sengathi ngingathola iqatha lenyama engingazidlela lona.” 

Akuphelanga sikhathi ewakhiphile lawo mazwi ngomlomo wakhe – zwiii – kwase kukhona iqatha lenyama epuletini elingenalutho phansi eceleni nje kwakhe. Walibuka leli puleti, nomyeni wakhe wenza njalo. 

“Yini lena?” kubuza umyeni wakhe emangazwa okwenzekile. 

 

Umkakhe wamtshela konke okwakwenzekile ehlathini ekuseni ngalelo langa. Umyeni wakhe wambuka, kanti wayebonakala eseqala ukuthukuthela. 

Wathi uma eqeda ukukhuluma, umyeni wakhe wamthethisa ethi, “UTHINII- I? Bekufanele ucabange ngaphambi kokuba uthi ufisa kube nenyama. Awuhlakaniphile ngangokuthi ngifisa sengathi ngabe lelo qatha lenyama linanyathiselwa ekhaleni lakho.” 

Ngaphambi kokuthi umame lona athi hhayi bo! Iqatha lenyama lase linamathele ekhaleni lakhe. Walibamba walidonsa kodwa alifunanga ukusuka. Umyeni wakhe wazama ukulidonsa. Bobabili balidonsa, balidonsa, kodwa akwenzekanga lutho. Iqatha lenyama lalinamathele echosheni lekhala lakhe. 

 

 

“Hhayi bo!” kusho umame. “Yini manje?” 

“Angazi, kodwa kumele lisuke,” kusho indoda. 

Emva kwalokho umame wabona ukuthi kufanele enze okuthile ngokushesha ngaphambi kokuthi umyeni wakhe akhiphe elinye igama. 

“Ngifisa sengathi le nyama ingasuka ekhaleni lami!” kuthetha lo mame. 

Kwathi ngemuva komzuzwana inyama yabe isihleli epuletini futhi. Base behlalake, owesifazane nomyeni wakhe, babukana. Ngeke kube bikho zifiso zokuba nemali, noma izingubo, noma indlu enkudlwana noma injabulo. Ngeke kube khona zifiso nhlobo, kodwa … akunani-ke bandla, babeneqatha elihle lenyama elalizoba yisidlo sabo sakusihlwa!