Kunganjani...?
Home | Content | Kunganjani...?

Written stories

Kunganjani...?

Ngobunye ubusuku ngesikhathi ubaba kaDavid efika ekhaya evela emsebenzini, bobabili babezizwa belambile.  Kodwa uDavid wayebukeka engcole kakhulu ngenxa yokudlala ngemuva kokuphuma kwesikole!

‘Isikhathi sokuthi ugeze,’ kusho uBaba.

‘Angifuni ukugeza kulobu busuku, ngiyabonga, Baba,’ kusho uDavid.

‘Hhayi-ke, ngeshwa kumele ugeze!’ kusho uBaba. ‘Angazi… Kunganjani ugeze masinyane ngesikhathi ngipheka isidlo sakusihlwa?’

‘Kodwa ngifuna ugeze nami,’ kusho uDavid ebukeka edangele.

‘Bese senzenjani ngokupheka isidlo sakusihlwa?’ kubuza uBaba. “Sizophekeka kanjani?’

‘Kunganjani sipheke isidlo sakusihlwa ndawonye egumbini lokugezela?’ kucebisa uDavid…