Ukhozi nendlulamithi
Home | Content | Ukhozi nendlulamithi

Written stories

Ukhozi nendlulamithi

Kudala, emandulo, uNdlulamithi wayengumngani omkhulu noKhozi.

Ekuseni ngelinye ilanga, lapho abangani laba ababili bengasemthonjeni wamanzi, uKhozi wabuza uNdlulamithi,

“Ucabanga ukuthi yini ephansi le kulo mthombo?” UNdlulamithi wacabanga okwesikhashana.

“Empeleni, uMvubu uthi kunomoya othile le phansi, kodwa angikaze ngiwubone,” kuphendula yena.

“Awugxume phela uyobheka!” kusho uKhozi. Ewu, empeleni uNdlulamithi wayewesaba kakhulu amanzi,

kodwa phela wayengafuni umngani wakhe akwazi lokho …